Manje ukuya ekhaya ngeke kusabiza imali eningi kakhulu!
I www.Bhukaizindiza.coza ikunikeza uhlu lwezindiza ezikhona ezishibhile eziya e Durban noma uluphi usuku.
Uma uya eDurban ngendiza, inkaba yaKwazulu, indiza yakho ithatha ihora noma ngaphansi kwalo. Uhambo lwakho ngendiza lufushane futhi kungcono kabi kunokugibela ibhasi ezothatha amahora ayisishiyagalombili futhi ungakhululekanga. Uzonethezeka uma ufika esikhumulweni sezindiza iKing Shaka, ebibizwa ngokuthi isikhumulo sezindiza esikhulu eDurban.
Uma ufika eDurban, futhi ufuna imoto, sicela uye kukhasi lethu lokubhuka imoto eziqhashisayo bese ubhuka oyithandayo namahlanje.
Khumbula ukuya ngasolwandle ukuze uphefumula umoya omnandi. Ziningi izinto ongazenza eDurban, kuzomele uvakashele i-UShaka Marine ngenkathi uselapho. Thatha isikepe ukuze ukwazi ukudoba inhlanzi.
Jabulela ukugibela i-rickshaw.
Uma usubuya ngase bhishi, ungayodla ukudla kwakusihlwa kuma –Marine Parade; izindawo zokudla. Vele ukudla kwasolwandle kukhona kwimenyu futhi kusanda nje ukuvela olwandle.
Qaphela ukuthi I Ethiopian Airways, okuyiyo ephethe ifulegi yase Ethiopia ngenye yezindiza evame ukumemezela izindiza eziya eDurban, iQatar Airways, iTurkish kanye neProflight yase Zambia sezinemizila eya eKing Shaka, isikhumulo sezindiza esikhulu. Lesi simemezelo singesamukelayo futhi senzelwe ukuthi sigcine izintengo zamathikithi ziphansi kwimizila eya eDurban.
Ngaphambi kokuba ubhuke ungavakashela ikhasi lethu lamaseli ezindiza ukuze ubone uma kukhona iseli yamathikethi. Amathikithi endiza eya eDurban kwesinye isikhathi aba yingxenye yentengo!
Bhuka itikiti lakho lendiza eya eDurban kanye neBhukaizindiza.co.za
SAA | SOUTH AFRICAN AIRLINES | SA AIRLINES | FLYSAA | WWW.FLYSAA.COM | SAA SALE | MANGO | MANGO AIRLINES | MANGO FLIGHTS | FLYMANGO | WWW.FLYMANGO.COM | MANGO SALE | KULULA | KULULA AIRLINES | KULULA FLIGHTS | KULULA.COM | WWW.KULULA.COM | KULULA SALE | BRITISH AIRWAYS | BRITISHAIRWAYS.CO.ZA | CHEAP FLIGHTS | Bhuka Izindiza |